G. Ukusikisela Okuwusizo Ngendlela Yokubhekana Nezimpawu Zezifo Nokwandisa Umthamo Wokudla Esikudlayo.
Impilo yethu, indlela esizizwa ngayo, esisebenza futhi sidlale ngayo, indlela esikhula futhi sakheke ngayo - konke kuthonywa ukudla esikudlayo. Ukudla kunikeza umzimba umsoco owudingayo ukuze ube nempilo futhi uqine. Umsoco uhlanganisa amaprotheni, ama-carbohydrate, amafutha, amavithamini, amaminerali namanzi.
Le ncwajana yenzelwe ukukunikeza ukwaziswa ngendima ebalulekile efezwa ukudla ekuqiniseni isimiso somzimba sokuzivikela ukuze silwisane nezifo futhi sikusize ekusimameni. Umgomo uwukukushukumisa ukuba usinakekele ngokukhethekile isimo sokondleka ngokomzimba sesiguli ngasinye esisesimweni sokuwohlozwa yisifo esingamahlalakhona futhi usebenzise ukudla okunomsoco njengethuluzi elibalulekile ohlelweni lwakho lokwelapha. Kule ncwadi, abantu abasesimweni sokuwohlozwa yizifo ezingamahlalakhona bahlanganisa zonke iziguli ezinezifo ezingamahlalakhona okudingeka ukuba zithole olunye uxhaso lokudla okunomsoco ukuze kugwenywe ukwehla kwesisindo somzimba nokuwohloka - ikakhulu iziguli ezinegciwane lesandulela-ngculaza, ezinengculaza, ufuba noma umdlavuza.
Enye yezindlela zokunqamula lo mjikelelzo oyingozi iwukudla ukudla okunomsoco. Ukudla okunomsoco kwandisa amandla okulwisana nezifo nokungenwa yizifo, kwandisa amandla futhi kwenze umuntu azizwe eqinile futhi engcono. Lokhu kungasiza ekubambezeleni ukwanda kwesifo.
Ukudla ukudla okunempilo kungasiza ekugcineni isimiso somzimba sokuzivikela sinamandla ngangokunokwenzeka ukuze sikwazi ukulwisana nesifo. Wonke umuntu kudingeka adle ukudla okufanele ukuze ahlale enempilo. Nokho, kubantu abasesimweni sokuwohlozwa yisifo esingamahlalakhona, kubaluleke ngisho nakakhulu ukuba badle ukudla okunempilo, ngoba basengozini enkulu yokuntula umsoco.
o engakwazi ukupheka kahle.
Ukungadli ngokwanele, ukulahlekelwa umsoco ngokwedlulele nokuntuleka komsoco kubantu abagulayo kubangela ukwehla kwesisindo somzimba nokuzaca, kusenze sibe buthaka isimiso sokuzivikela somzimba bese kwandisa nezifo. Ngakho-ke kubaluleke kakhulu ukuqiniseka ukuthi abantu abasesimweni sokuwohlozwa yizifo ezingamahlalakhona badla ngendlela efanele.
Ukuvimbela ukwehla kwesisindo somzimba nokuthuthukisa ukwanda kwesisindo somzimba.
Ukubuyisela wonke umsoco olahlekile ngesikhathi sokuhuda nokuhlanza.
Ukukhuthaza ukudla ukudla okunomsoco omningi (ukudla okucebe ngomsoco namandla ngalowo nalowo mthamo wokudla owudlayo) kube nezishebo eziningana ukuze kugcine isimiso sokuzivikela sinamandla.
Ukwenza ukudla kwesiguli kuvumelane nezimpawu zesifo saso.
Ukweluleka isiguli ngokudla ukudla okufanele ucabangela ukuthi amandla esiguli angakwazi yini ukukufinyelela.
Kala isisindo sesiguli bese ugcina umbhalo wesisindo ekhadini lasemtholampilo.
Sibuze isiguli ukuthi yini ngokuvamile esiyaye siyidle ukuze uthole ukuthi hlobo luni lokudla esikudlayo, izimo zenhlalo engokomnotho nokuthi yikuphi ukudla esingakwazi ukukufinyelela.
Thola ukuthi akhona yini amanzi alondekile nogesi.
Thola umlando wezimpawu zokugula okuphethe isiguli.
Siza isiguli ukuba sihlele ukudla kwaso, ucabangela isimo sezomnotho nokunye ukwaziswa ukuze kufanelane nesimo sesiguli.
Uma isiguli siye salahlekelwa yisisindo zomzimba, sinikeze amacebiso okwandisa isisindo somzimba.
Nikeza isiguli amacebiso okuphatha ukudla ngendlela ephephile.
Hlela ukuba siphinde sibuye ukuze uqinisekise ukuthi siyawalandelela la macebiso.
Ziningi izindlela zokudla ngendlela enempilo. Ngamunye wethu udla ngendlela ehlukile ngenxa yezimo zethu zezomnotho, ukudla esikukhethayo, inkolo, impucuko, njll. Kuyoba okubalulekile ukukucabangela lokhu lapho seluleka iziguli ngokudla okunomsoco.
Ukuze kugwenywe ukungenwa yizifo, ukungondleki nokwehla kwesisindo somzimba okungafunwa, cebisa iziguli ukuba zingazindeli, ziqale manje ukuyinaka kakhudlwana indaba yokudla ukudla okunomsoco. Kunzima kakhulu ukulungisa ukuntuleka komsoco emzimbeni womuntu uma ebengasondlekile kakade futhi esegula kakhulu!
Alukho uhlobo olulodwa lokudla olungasinika konke esikudingayo! Khuthaza abantu ukuba badle izinhlobonhlobo zokudla - ukudla abakwaziyo ukukuthenga nokutholakala kalula. Kutuswa ukuba ngosuku umuntu adle kathathu izinhlobo ezihlukahlukene zokudla. Khuthaza abantu ukuba bahlafuhlafune ukudlana okulula (snacks) phakathi nezikhathi okungezona ezokudla Lokhu kuyasiza kakhulu lapho umuntu eba nezinkinga zokudla ukudla okwanele ngezikhathi zokudla. Lapha ngezansi kukhona umfanekiso ongawusebenzisa ukuze ubonise iziguli ukuthi kulula kanjani ukukhetha ukudla okunempilo ezinhlobonhlobeni zokudla.
Ukudla okunesitashi njengesinkwa, iphalishi, ama-cereal, irayisi, amazambane, isitambu, amabele, ipasta, kufanele kuphakwe kube kuningi kulokho nalokho kudla okudliwayo. Ngokuvamile lokhu kudla akubizi kakhulu futhi kunikeza umsoco omningi ngemadlana. Khuthaza iziguli ukuba zenezele okunye ukudla okutholakalayo ekudleni okunesitashi ukuze zipheke ukudla okuyingxubevange.
Imifino nezithelo kunikeza insada yamavithamini namaminerali ukuze asize ekugcineni isimiso somzimba sokuzivikela siqinile. Khuthaza iziguli ozinakekelayo ukuba zidle izinhlobo eziningi zemifino nezithelo ngangokunokwenzeka. Imifino nezithelo ezinombala ophuzi, osawolintshi, obomvu noma oluhlaza okunsundu kufanele zidliwe nsuku zonke, ngokwesibonelo, isipinashi, ithanga, izaqathe, amabhilikosi, upopo nomango. Izithelo ezinjengamawolintshi, amanantshi nawolamula kanye nawogwava, umango notamatisi zinikeza u-vitamin C osiza ekulwisaneni nezifo. Iziguli kumelwe zizibekele umgomo wokudla izithelo kanye nemifino/noma imifino kahlanu ngosuku.
Inkukhu, inhlanzi, inyama, ubisi namaqanda ungakudla nsuku zonke.
Phakathi kweminye yemisoco etholakalayo, lokhu kudla kunika umzimba amaprotheni. Ngesikhathi sokugula, kubaluleke kakhulu ukuba umuntu abe namaphroteni anele.
Inyama yenkomo, inyama yemvu, ingulube, inkukhu, inhlanzi, isibindi, inso, inhliziyo, ubuchopho, amanqina, amanqondo enkukhu, itwani, amaqanda, ubisi, amasi, i-yoghurt, umqhiki (butermilk), ubisioluyimpuphu (hhayi i-coffee creamer), ushizi, amacimbi nezinambuzane ezithile. Lapho kuthengwa esitolo, lokhu kudla ngokuvamile kuyabiza - khuthaza labo abahlala emaphandleni ukuba bafuye izinkukhu, onogwaja, izimvu, izimbuzi nanoma yiziphi ezinye izilwane ekhaya ukuze bathole inyama, amaqanda ngisho nanobisi.
Lena yimikhiqizo yezitshalo, nayo futhi enikeza amaprotheni neminye imisoco edingekayo ukuze kuqiniswe isimiso sakho somzimba sokuzivikela kanye nezicubu. Khuthaza iziguli ukuba zidle ubhontshisi omningi, uphisi, udali nesoy okungafakiwe emathinini. Kungasetshenziswa esikhundleni senyama ukuze kulungiselelwe ukudla okungabizi kakhulu. Kulabo abangayidli inyama abasesimweni sokuwohlozwa yisifo esingamahlalakhona, lokhu kudla kufanele kube yingxenye ebaluleke kakhulu yesimiso sabo sokudla esinempilo.
Iziguli zingawenezela ushukela namafutha ohlelweni lwazo lokudla okunempilo. Lokhu kudla kwandisa ubungako bamandla atholakala ekudleni futhi kuyasiza ekwenzeni ukudla kunambitheke kamnandi, ngaphezu kokwandisa ukudla. Lokhu kuyasiza ikakhulukazi lapho isiguli singakwazi ukudla ukudla okuningi. Iziguli kufanele zikhunjuzwe ukuthi amafutha amaningi kakhulu angabangela isihudo.
Usawoti omningi ungaba neqhaza ekunyukelweni umfutho wegazi. Khuthaza iziguli ukuba ziwusebenzise kancane kakhulu usawoti, njengoba abantu abaningi eNingizimu Afrika behlushwa umfutho wegazi ophakeme. Njengoba kulahleka usawoti namanzi amaningi ngesikhathi sokuhuda nokuhlanza, qiniseka ukuthi iziguli uyazicebisa ukuba ziwubuyisele usawoti namanzi okulahlekile, ngokuphuza amanzi abilisiwe apholile afakwe ushukela nosawoti (ilitha elilodwa lamanzi + izipuni ezincane ezingu-8 zikashukela + ingxenye yesipuni esincane sikasawoti) lapho zihlanza futhi zihuda.
Ukuphuza amanzi anele kubalulekile kuwo wonke umuntu! Ukuhuda, ukuhlanza nokujuluka ebusuku kubangela ukulahlekelwa ngamanzi namaminerali amaningi emzimbeni. Lokhu kulahlekelwa kufanele kubuyiselwe! Iziguli zizodinga okungenani izinkomishi eziyisishiyagalombili zamanzi usuku ngalunye. Amanzi, iziphuzo ezibandayo, ubisi, iziphuzo zezithelo zingase ziphuzwe usuku lonke. Amanzi atholakala kompompi ngokuvamile alondekile, kodwa zixwayise iziguli zakho ukuthi ziwabilise bese ziwapholisa amanzi eziwakhe emthonjeni, emfuleni noma emgodini ombiwe ngaphambi kokuba ziwaphuze.
Abantu abanezifo abaphila nazo kufanele bangaluphuzi nhlobo uphuzo oludakayo. Uphuzo oludakayo lulimaza isibindi futhi lubangele ukuba umzimba ulahlekelwe amavithamini amaningi, abalulekile ekusekeleni isimiso somzimba sokuzivikela. Ingxube yophuzo oludakayo nemithi kuyingozi kabi esibindini. Uphuzo oludakayo luhlanganisa iwayini, ubhiya (Kuhlanganise nomqombothi notshwala obugaywe ekhaya), utshwala obuvutshelwe ngama-apula, iziqedakoma ezine-alcohol, i-whiskey, i-rum, i-gin, i-vodka, i-cane nezinye iziphuzo ezine-alcohol.
Khuthaza iziguli ukuba zibe matasa ngangokunokwenzeka. Ukusebenza endlini nokuhambahamba njalo kuyasiza ekwandiseni ukunyakaza komzimba futhi kugcina izicubu ziqinile. Ukwehla kwesisindo somzimba ngenxa yesandulela-ngculaza nengculaza kanye nezinye izifo eziwohlozayo ezingamahlalakhona ngokuvamile kubangelwa ukuzaca.
Ukungenwa ushevu odalwa ukudla ngokuvamile kubangelwa ama-bacteria (amagciwane). Emazingeni okushisa asivivi, ama-bacteria angazalana abe yizigidigidi ngamahora ambalwa nje futhi abangele ukungenwa ushevu odalwa ukudla.
Umzimba onempilo uhlonyiselwe ukuba ukwazi ukumelana namagciwane amaningi, kodwa ngesikhathi sokugula, isimiso sokuzivikela komzimba senziwa buthaka futhi umzimba uyashikashikeka uzama ukulwisana nezifo. Abantu abanesifo sofuba, ingculaza noma ezinye izifo yibona abangenwa kakhulu yizifo futhi kumelwe bacophelele kakhulu ukuthi badla ukudla okulondekile. Noma yikuphi ukugula, kuhlanganise nalokho okubangelwa ukudla, kuzosenza buthaka ngokwengeziwe isimiso somzimba sokuzivikela. Ukuze umelane nokungenwa ushevu odalwa ukudla, ukudla kufanele kulondolozwe, kuphathwe futhi kulungiselelwe ngendlela ephephile.
Geza izandla ngensipho nangamanzi (kutuswa ukuba kube ngafudumele) okungenani imizuzwana engu-20 ngaphambi nangemva kokuphatha ukudla, ngemva kokuphulula izilwane zasekhaya nezinye izilwane, ngemva kokuvakashela indlu yangasese nangemva kokuthimula noma ukufinya.
Gwema amaqanda anamagobolondo angcolile noma avavekile - amaqanda ayisikhoselo esihle kakhulu sokukhula kwama-bacteria. Wageze amaqanda ngaphambi kokuwasebenzisa.
Ungakunambithi ukudla ocabanga ukuthi kungenzeka kungenwe ukungcola. Umuntu onempilo angase akwazi ukudla ukudla ngaphandle kokuba kumgulise, kodwa umuntu osesimweni sokuwohlozwa yisifo esingamahlalakhona akanawo amasosha anele okulwisana noshevu odalwa ukudla.
Ngemva kokuthenga ukudla, thatha ukudla okudinga ukufakwa esiqandisini ukufake kuso ngokushesha lapho ufika ekhaya noma ukubeke endaweni epholile. Ungalokothi ushiye ukudla emotweni eshisayo / ibhasi / elangeni.
Qiniseka ukuthi ukudla ukubeka kude nezilwane zasekhaya ezifuyiwe noma ezinye izilwane futhi ukumboze kungangenwa yizimpukane nezinye izinambuzane.
Kuncibilikisele esiqandisini (fridge) ukudla uma sikhona. Emazingeni okushisa avamile, ama-bacteria athola ithuba lokwanda ekudleni futhi angabangela ukungenwa yizifo ezitholakala ekudleni. Uma singekho isiqandisi, kuncibilikisele endaweni ebandayo ukudla kude nelanga.
Vikela amanzi asetshenziselwa ukupheka, ukuphuza, ukugeza noma ukuwasha ukuba angalokothi athintane nendle namanzi angcolile.
Wagcine ehlanzeke ngangokunokwenzeka amabhakede asetshenziselwa ukukha amanzi futhi uwagcine emboziwe. Sebenzisa inkomishi ehlanzekile ukuze ukhe amanzi ebhakedeni.
Wabeke kude nezilwane amanzi okuphuzwa.
Sebenzisa amanzi ahlanzekile ukuze ugeze ukudla nezitsha.
Zonke izithelo ezintsha nemifino kugeze ngamanzi. Uma kungenakwenzeka ukuba uziwashisise, zicwecwe izithelo nemifino. Ingxube yesipuni esisodwa se-bleach esifakwe elitheni elilodwa lamanzi ahlanzekile ingasetshenziswa ekugezeni izithelo nemifino.
Sebenzisa ubisi olufakwe enqubweni yokubulawa kwamagciwane kuphela. Bheka igama elithi "PASTEURISED" elebulini. Kungase kungabi okuphephile ukuphuza ubisi olusengwe ekhaya. Lubilise ubisi olungazange lufakwe enqubweni yokubulawa kwamagciwane ngaphambi kokuba ulusebenzise.
Ungawadli amaqanda aluhlaza noma inyama, inkukhu noma inhlanzi, okuluhlaza. Kuyadingeka ukupheka ukuze kubulawe amagciwane. Qiniseka ukuthi iphekwe yavuthwa ngokwanele.
Ungalungiseleli ukudla okuphekiwe nokuluhlanza endaweni eyodwa. Ama-bacteria asekudleni okuluhlaza angase angene ekudleni okuphekiwe.
Zama ngazo zonke izindlela ukuthi ungakujwayeli ukusebenzisa izandla lapho ulungisa ukudla. Kunalokho sebenzisa izimfoloko nemimese nezipuni nokunye.
Kuyatuseka ukuba izimfoloko nemimese nezipuni nezitsha ukugeze ngamanzi anensipho. Uma amanzi esengcole kakhulu, washintshe bese uqhubeka nokukugeza. Uma kunamanzi anele, kuyisu elihle ukuyakaza izitsha ngamanzi ahlanzekile ngemva kokuzigeza.
Uma nje ukudla sekuphekiwe, kufanele kudliwe ngokushesha ngangokunokwenzeka. Akuphephile ukugcina ukudla okupholile okungafakiwe esiqandisini. Lapho udla ukudla obekusele kokuphekiwe, kufanele kuphinde kufudunyezwe ngezinga lokushisa eliseqophelweni eliphezulu ukuze kufe ama-bacteria.
Ungakugcini ukudla okuphekiwe kungafakiwe esiqandisini kuze kuphele amahora amabili. Emaphathini nasemishadweni ngokuvamile ukudla kugcinwa isikhathi eside kungafakiwe esiqandisini bese kubangela izinkinga zesisu kuleyo micimbi. Abantu abanesifo kufanele baqaphele kakhulu.
Uma ungazi ukuthi ukudla kuvelaphi nokuthi kulungiselelwe kanjani, kuphephile ukungakudli.
Lapho abantu besohambweni bahlangana namagciwane amasha imizimba yabo engajwayelene nawo. Lokhu kuvame ukuholela esihudweni. Lapho isimiso somzimba sokuzivikela senziwa buthaka yisandulela-ngculaza/ingculaza, umuntu uguliswa kalula ukudla namanzi angadali zinkinga kubantu abangenazo lezi zifo. Yala iziguli ukuba zicophelele kakhulu lapho zikhetha ukudla uma zisohambweni.
Izifo ngisho nemithi yokwelapha esetshenziselwa ukwelapha ukungenwa yizifo / izifo ngokuvamile ithonya ikhono lomuntu lokudla ngendlela enempilo. Uma umuntu ekwazi ukubhekana kangcono nalezi zinkinga, uyokwazi kakhulu / kangcono ukudla.
Zama ukugwema ukwehla kwesisindo somzimba okungafuneki!
Ubisi olungazange lwengulwe ukhilimu kanye nemikhiqizo yalo (ubisi oluyimpuphu, amasi, i-yoghurt) kungase kwenezelwe ekudleni ukuze kukunikeze amandla engeziwe neprotheni.
Yenezela amafutha njenge-margarine, ibhotela nemayonesi ekudleni ukuze uthole amandla athe xáxá futhi uthuthukise ukunambitheka kokudla. Uma unesihudo noma ungazizwa kahle ngemva kokufaka amafutha engeziwe ekudleni, zama ukuwanciphisa.
Yidla nangezinye izikhathi ngaphandle kwezikhathi ezihleliwe ukuze uqinisekise ukuthi udla ngokwanele.
Ake sihlole indlela ongalwisana ngayo nezimpawu zokugula ezingakubangela ukuba udle kancane futhi isisindo somzimba wakho sehle.
Yini engingayenza uma ngizizwa ngingakuthandi ukudla?
Ukugula, ukucindezeleka, nesizungu kungakubangela ukuba ungakuthandi ukudla. Zama lokhu okulandelayo ukuze uqinisekise ukuthi udla ngokwanele ukuze ugcine umzimba wakho unamandla.
Ukudla okunjengoshukela, ubisi oluyimpuphu namafutha kunika amandla amaningi ngisho noma ngabe kudliwe kancane. Lapho kunokwenzeka, kumelwe kwenezelwe kokunye ukudla.
Zama ukudla nomunye umuntu - ukudla nabanye abantu kwenza ukuba ukujabulele ukudla.
Yidla ukudla kwakho endaweni ethokomele ukuze ukujabulele kakhudlwana (uvulele umculo, ngaphansi komuthi noma epaki).
Unganamatheli ezikhathini zokudla ezimisiwe - yidla noma nini lapho uzizwa unesifiso sokudla.
Ukuvivinya umzimba okungakhandli njengokuhamba kwandisa isifiso sokudla.
Phuza iziphuzo ezinika amandla amaningi phakathi nosuku, njengeziphuzo ezenziwe ngobisi, iziphuzo ezinoshukela ezenziwe ngezithelo nesobho elenziwe ekhaya.
Yidla ukudla okuthanda kakhulu - cishe uyodla ukudla okwengeziwe ngale ndlela.
Kugweme ukudla okunephunga elinamandla njengeklabishi nekhofi uma kukwenza ungabi naso isifiso sokudla.
Uma umuthi owuphuzayo ukwenza ungabi naso isifiso sokudla, buza isisebenzi sezempilo ukuthi ungawuphuza yini umuthi ngemva kokudla.
Ingabe uphethwe isilungulela noma ukuqunjelwa?
Yidla ukudla okuncane izikhathi eziningana ukuze ugweme ukungazizwa kahle.
Ukudla okunezinongo okunokhari omningi, upelepele nezinye izinongo, kanye nokudla okunamafutha amaningi nokuthosiwe kusenza sibe sibi kakhulu isilungulela nokuqunjelwa.
Linda okungenani amahora amabili uma usudlile ngaphambi kokuba ulale.
Utshwala, ikhofi, uphephamente noshokoledi kungase kusenze sibe sibi nakakhulu isilungulela futhi kufanele kugwenywe.
Wugweme ugwayi nokubhema. Ungasenza sibe sibi kakhulu isilungulela futhi uyingozi empilweni yakho.
Zama ukuphuza uketshezi oluningi njengamanzi ahlanzekile netiye. Zama ukuphuza lezi ziphuzo eziwuketshezi ngezikhathi ongadli ngazo ungaziphuzi kanye nokudla noma ngaphambi nje kokuba udle, njengoba lokhu kungase kubangele ukuba uzizwe uqunjelwe.
Ukulwisana nesicanucanu nokuhlanza...
Imithi yokwelashwa ngokuvamile ibangela isicanucanu nokuhlanza.
Yidla ukudla okuncane izikhathi eziningana - isicanucanu siba sibi kakhulu uma kungenalutho esiswini.
Linda kuze kube yilapho usuzizwa ungcono ngaphambi kokuba udle, kodwa ungalokothi weqiwe ukudla.
Gwema ukudla okunongwe kakhulu nokunamafutha amaningi.
Yenezela kancane isiphuzo sikalamula noma ucezu lukalamula eziphuzweni ezibandayo.
Zama ukukudla sekubanda ukudla ukuze iphunga olizwe kuphekwa lingakubangeli isicanucanu. Ngokuvamile umzimba ukubekezelela kangcono ukudla okubandayo.
Gcina indawo ohlala kuyo igeleza umoya.
Hlala uqonde ngemva kokudla - Linda okungenani imizuzu engu-20 ngaphambi kokuba ucambalale, ukuze ugweme ukuhlanza.
Lapho unemfiva, kudingeka ulubuyisele uketshezi olulahleka lapho ujuluka.
Phuza uketshezi oluningi - olungaphezu kwalolo oludinga lapho nje womile. Uma ngempela uzizwa ungakuthandisisi ukudla, ungenza isobho likabhontshisi, amazambane, izaqathe noma olwamiphi eminye imfino onayo. Lokhu kunganika umzimba amandla nomsoco.
Usuke usongelekile uma kulukhuni futhi kunzima ukukhipha indle yakho.
Gwema ukusebenzisa amaphilisi okuhambisa isisu nanoma yiziphi ezinye "izinto zokugeqa isisu" njengembiza yokuchatha. Amaphilisi okuhambisa isisu kanye nembiza yokuchatha kubangela ukuba umzimba wakho ulahlekelwe izakhi eziningi ezibalulekile futhi kumane kuyikhambi lesikhashana elingayixazululi inkinga yangempela.
Yidla ukudla okungagayisiswanga nokungahlungiwe kakhulu njengemikhiqizo kafulawa omhlophe (amakhekhe, ophayi, nokunye.).
Phuza amanzi amaningi nezinye iziphuzo.
Yiba matasa kakhulu! Ukuhamba njalo kuyokusiza ekudambiseni ukusongeleka.
Ingabe ulwisana nokuqeda isihudo?
Usuke unesihudo uma sekuze kwakathathu ngosuku ukhipha indle emanzi.
Isihudo singabangela ukungondleki kahle, ngoba ukudla kudlula ngokushesha kangangokuthi umzimba awukwazi ukukusebenzisa. Umuntu futhi udla kancane ngoba usuke engenaso isifiso sokudla. Uma unesihudo, umzimba uyoma ngoba ulahlekelwa uketshezi oluningi - lokhu kubizwa ngokuthi ukuphelelwa amanzi emzimbeni (dehydration). Ukuphelelwa amanzi emzimbeni kuyingozi kakhulu futhi kungambulala umuntu.
Yini okufanele ngiyenze uma nginesihudo?
Phuza amanzi neziphuzo eziningi ukuze ubuyisele uketshezi emzimbeni. Ukuze uzenzele isiphuzo esenziwe ekhaya sokubuyisela amanzi alahlekile, thatha ilitha elilodwa lamanzi abilisiwe abe esepholiswa. Faka izipuni ezincane ezingu-8 zikashukela nengxenye yesipuni esincane elingene kasawoti. Yihabule kaningi ngangokunokwenzeka le ngxube.
Ukudla okunamafutha amaningi, isinqumela noma ibhotela njengokudla okuthosiwe, amasoseji namagwinya kungasibhebhezela isihudo.
Ikhofi nokunye ukudla neziphuzo ze-cola nawoshokoledi kune-caffeine futhi kungasibhebhezela isihudo.
Kunalokho yidla kakhulu...
Ukudla okunjengama-apula noma amaganandoda akhuhluziwe, i-oats noma amazambane; lokhu kudla kune-fiber encibilikayo esiza ekugcineni amanzi esiswini.
Ukudla okunjengamazambane nobhanana kune-potassium eyiminerali, elahlekayo phakathi nesikhathi sokuhuda.
Yidla ukudla kaningi ngangokunokwenzeka ukuze ubuyisele isisindo nomsoco okulahlekile.
Ukuntuleka kwenhlanzeko kungasibangela isihudo.
Ukugeza izandla zakho ngamanzi nensipho ngaphambi kokuba uphathe, ulungiselele, uphake noma ulondoloze ukudla.
Ukugeza izandla zakho ngamanzi nensipho ngemva kokusebenzisa indlu yangasese noma ngemva kokushintsha inabukeni lomntwana.
Ukushintshashintsha kokunambitheka kokudla kubangelwa imiphumela engathandeki yokusetshenziswa kwemithi, ukungondleki kahle nezifo.
Uma inyama ibaba noma inambitheka njengensimbi, mane udle inkukhu, inhlanzi, imikhiqizo yobisi, ubhontshisi ongafakiwe owomile nophizi ukuze uthole amaprotheni.
Ukudla okubandayo noma ukudla okupholile ngokuvamile kunambitheka kangcono kunokudla okushisayo.
Sebenzisa izinongo, amasobho noma isiphuzo sikalamula ukuze uthuthukise ukuhlwabusa kokudla kwakho.
Yidla ukudla kwakho ukwehlise ngokulokhu uhabula kancane isiphuzo.
Kungase kusize ukusebenzisa amanzi anosawoti ukuze uyakaze umlomo wakho kaningi. Ukuhabula amanzi afakwe isiphuzo esincane sikalamula ngaphambi kokudla nakho kungasiza ukuthuthukisa ukunambitheka kokudla.
Umlomo kumelwe ugcinwe uhlanzekile ngaso sonke isikhathi.
Izilonda emlonyeni nasemphinjeni zivamile ezifweni eziningi. Lezi zilonda ziyakhathaza futhi zibuhlungu kodwa azibulali. Ingozi iwukuthi lezi zilonda zingakwenza kube nzima ukudla noma ukugwinya, kubangele ukuba abantu badle kancane futhi isisindo sabo sehle.
Ukudla okumuncu: amawolintshi, ulamula, uphayinaphu notamatisi.
Ukudla okunamathelayo okuhlafuneka kanzima, njengebhotela lamantongomane.
Ukudla okunezinongo nokunosawoti okungase kuthunuke umlomo nomphimbo.
Yidla ukudla kwakho sekupholile. Ukudla noma isiphuzo okushisa kakhulu noma okubanda kakhulu kungaba yinkinga. Yidla ukudla futhi uphuze iziphuzo okungawulimazi umlomo noma umphimbo.
Habula isiphuzo kancane ngaphambi kokuhlafuna ukudla ngakunye, noma ucobhozise ukudla okuqinile nokomile njengesinkwa esithosiwe, amakhekhe nemiqhathane (rusks) eziphuzweni ezinjengetiye noma isobho ukuze kuthambe ngaphambi kokuba ukudle.
Sebenzisa uthi lokumunca ukuze uphuze iziphuzo.
Hlafuna ushingamu noma udle uswidi ukuze wandise amathe emlonyeni - kwenza kube lula ukuhlafuna ukudla.
Zama ukumunca isiphuzo sesithelo esiyiqhwa (isiqeda) noma isigaxa seqhwa ukuze wenze ukuba umlomo wakho ube ndikindiki ngaphambi kokuba udle.
Ukuhlanzeka komlomo kubaluleke kakhulu!
Gwema izifo ngokugcina amazinyo nezinsini zakho kuhlanzekile.
Uma kuwumzukuzuku ukugwinya ukudla, zama ukushubisa iziphuzo oziphuzayo ngobisi oluyimpuphu, ama-cereal abantwana, okunesitashi okwenziwe ngokusanhlamvu (cornstarch) noma amazambane abondelwe aphekwe kalula ukuze wenze kube lula ukukugwinya.
Ukudla ukudla kohlobo olufanayo kulula ukukugwinya. Yidla isobho elishubile elenziwe ngemifino nezithelo noma ukudla okuyimeshi uma kudingekile.
Mane ukugweme ukudla okunamathelayo njengebhotela lamantongomane, noma ukudla okushelelayo njengojeli, ngoba akuhlafuneki kalula.
Zama ukuhlala uqonde lapho udla ulokhu uphulula umphimbo wakho ukuze kugwinyeke kalula.
Ukudla ukudla okunempilo akusho ukuthenga ukudla okukhethekile okumba eqolo! Kusho ukwenza ukukhetha okungcono ekudleni okutholakalayo.
Inselele enkulu eyokwenza ukuba bonke abantu bakwazi ukuthenga ukudla okunempilo.
Khuthaza ukuba kutshalwe izingadi zemifino - zingenziwa ngisho nasemayadini amancane kakhulu noma imifino ingase itshalwe ezitsheni ukuze kutholakale ukudla ngisho nomholo womkhaya uwonke. Izingadi zemifino zenza indawo ezungezile ibe yinhle futhi ziyayivikela futhi ziba yizindawo zokuziqabula zomkhaya.
Makwenziwe imikhankaso yokutshala izingadi zomphakathi uma ukutshala izingadi emakhaya kungasebenzi kahle.
Khuthaza ukutshalwa kwemithi yezithelo (ngokwesibonelo, izihlahla zamawolintshi) endaweni yomphakathi. Njengesisebenzi sezempilo, ungaqala ngomkhankaso wemithi yezithelo, utshale imithi yezithelo endaweni yomtholampilo.
Uma imikhaya ifuye izinkukhu, zingaba umthombo wenyama namaqanda ngezindleko eziphansi kakhulu. Onogwaja noma ezinye izilwane ezinkudlwana njengezimbuzi nezimvu nazo zingafuywa ukuze umkhaya ukwazi ukuthola inyama.
Khuthaza ukuba kube nendawo ekhiqiza ubisi lomphakathi uma izilwane ezinkulu zivumelekile emphakathini. Umphakathi ungase uklazathe izimali noma uthole uxhaso ukuze uthenge inkomazi eyodwa noma ezimbili ukuze uhlangabezane nezidingo zawo zobisi. Khumbula ukuthi ubisi ludinga ukufakwa enqubweni yokubulala amagciwane noma lubiliswe ngaphambi kokuba lusetshenziswe.
Khuthaza iziguli ukuba zitshale imbewu kajikanelanga emizini yazo kunokuba zitshale ezinye izimbali - azibukeki kahle nje kuphela, kodwa futhi zinikeza imbewu engase yenezelwe ekudleni.
Ukudla okunesitashi: Ummbila, isitambu, irayisi lommbila, amazambane, isinkwa esinsundu.
Khumbuza iziguli ukuthi ukukhetha isimiso sokudla esinempilo akusho ukuthenga ukudla okumba eqolo - kumane nje kusho ukukhetha ngokuhlakanipha!
Ukudla okunomsoco okwanele kubaluleke kakhulu kuzo zonke izingane ezincane ukuze kuqinisekiswe ukuthi zikhula kahle futhi ziyakwazi ukulwisana nezifo. Ingane engondlekile kahle ingenwa kalula yizifo ezihlukahlukene, okukhinyabeza ukukhula kwayo, kunciphise ukwakheka ngokomzimba nangokwengqondo futhi kuyibeke engozini yokufa.
Khumbula lokhu okulandelayo lapho unakekela ngokudla okunomsoco futhi usekela izingane eziphethwe yizifo eziwohlozayo ezingamahlalakhona.
Izingane nazo kufanele zilandele lezi ziqondiso lapho zikhetha ukudla okunempilo njengoba kuchazwe engxenyeni E yale ncwajana.
Qiniseka ukuthi umama noma umnakekeli unempilo eyanele ukuthi angakwazi ukunakekela ingane.
Kala isisindo somntwana njalo ukuze uqinisekise ukuthi ukhula kahle.
Lawula izimpawu zesifo njengohudo nokuhlanza ngokuphumelelayo ukuze uvimbele ukulahleka komsoco emzimbeni.
Nika ogulayo imithi yokwelapha ukungondleki okubi kakhulu. Izingane eziningi eziphethwe yizifo ezingamahlalakhona cishe zisengozini yokungondleki okubi kakhulu.
Khuthaza umama / umnakekeli ukuba ayiphe izikhathi eziningi ingane ukudla okuncane. Ukufunza kufanele kwenziwe ngesineke nangokuphikelela ngokuqondisa nangothando.
Tusa ukuba kwengezwe amandla neminye imisoco ngokwenezela kancane amafutha, ibhotela, ushukela, ibhotela lamakinati noma ubisi oluyimpuphu ekudleni.
Khuthaza ukuba kube khona inhlanzeko namanzi nokudla okulondekile ukuze kuvinjelwe izifo ezidalwa ukudla.
faka ingane ohlelweni lokondliwa uma isimo sokudla somkhaya siyinkinga. Qondisa ingane ukuze ithole ukuhlolwa okuqhubekayo.
Izeleko zokudla zingaba usizo kakhulu, ikakhulukazi ezinganeni ezisencane (ngoba ziwudinga kakhulu umsoco ngesikhathi zikhula) noma abantu abagula kakhulu, abakuthola kuwumzukuzuku ukudla ngendlela efanele.
Lapho utusa iseleko sokudla...
Khumbula ukuthi ukudla okuvamile kungasetshenziswa ukweleka ukudla.
Izinhlobo eziningi ezingena esikhundleni sokudla noma ukudla okulula kuyatholakala ezitolo. Khetha umkhiqizo kumthengisi onokwethenjelwa othengisa ukudla okunomsoco omningi ngemali ephansi.
Qiniseka ukuthi isiguli siyazi ukuthi sisetshenziswa kanjani iseleko futhi sisihlanganise kahle.
Ukusiza abantu ukuba benze ukudla okunomsoco kube ingxenye yenqubo yabo yansuku zonke kudinga ukuzibophezela kwangempela, kodwa kuwufanele ngempela umzamo! Ukukhetha ukudla okusesilinganisweni kunenzuzo kuwo wonke umuntu - ukudla ukudla okunempilo kungasiza ekulwisaneni nokungenwa yizifo, kuvimbele ukulahlekelwa yisisindo somzimba okungafuneki phakathi nesikhathi sokugula, kubambezele ukwanda kwesifo, kusize ukwelashwa ngemithi ukuba kuphumelele kangconywana futhi kuthuthukise izinga lokuphila.
